Image for Eyezingane Izinyoni zaseNingizimu Ye-Afrika

Eyezingane Izinyoni zaseNingizimu Ye-Afrika

See all formats and editions

Le ncwadi ejabulisayo, egcwele mfi yethula izingane emaqenjini ezinyoni ezingaphezu kwama-60 ezitholakala eningizimu ne-Afrika: okholwase abanemilenze emide, oklebe abasheshayo, izincwincwi ezifana nejuba, izinsingizi ezinesibindi nezinye eziningi.

Funda ukubona izinyoni ezihlukahlukene, futhi uthole nendlela ehlaba umxhwele eziziphatha ngayoindlela ezithola ngayo ukudla, ezikhetha ngayo umlingani, ezakha ngayo isidleke, ezikhulisa ngayo amachwane azo nokuthi zizigwema kanjani izilwane ezizizingelayo.

Isingeniso esinemininingwane sichaza okuphathelene nezinyoni okunjengokuthandana, ukufuduka, ukuhlala kwazo ngaziningi kanye nokwebuza.

Kufakwe izithombe ezinhle ngokwedlulele ezingaphezu kwama-500, eziningi zichaziwe ukuze zigqamise izici nokuthile okuhlukile okuhlaba umxhwele ngazo.

Kungani kufanele uyithenge: Iyisihloko sesibili kulolu chungechunge lwezincwadi, esethulwa kanyekanye nencwadi enesihloko esithi Kids' Snakes of Southern Africa.

Ihlanganisa amaqembu ezinyoni ezingaphezu kwama-60 ajwayelekile aseningizimu ne-Afrika futhi athathekisayo.

Igcwele amaqiniso ahlaba umxhwele kanye nemibuzo yokuthi: ngabe bewazi?

Izidayini, egqamile enemibala eminingi ngezithombe ezinhle kakhulu.

Read More
Available
£5.11
Add Line Customisation
Available on VLeBooks
Add to List
Product Details
Penguin
1775848507 / 9781775848509
eBook (EPUB)
01/07/2023
South Africa
Zulu
80 pages
Copy: 10%; print: 10%